AmaHubo 21:1-13
Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
21 O Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho; +Ijabula kakhulu ngezenzo zakho zokusindisa! +
2 Uyinike lokho okufiswa yinhliziyo yayo, +Awusigodlanga isicelo sayo. (Sela)
3 Ngoba uyihlangabeze ngezibusiso ezicebile;Ubeka umqhele wegolide elicwengiwe ekhanda layo. +
4 Yacela ukuphila kuwe, wayinika kona, +Ukuphila isikhathi eside,* kuze kube phakade naphakade.
5 Izenzo zakho zensindiso ziyilethela inkazimulo enkulu. +
Uyinika isithunzi nobukhazikhazi.
6 Uyibusisa phakade; +Uyenza ithokoze ngoba unayo. +
7 Ngoba inkosi ithembela kuJehova; +Ngenxa yothando oluqotho loPhezukonke, ngeke intengantengiswe. *+
8 Isandla sakho siyozithola zonke izitha zakho;Isandla sakho sokudla siyobathola abakuzondayo.
9 Lapho ufika, uyobabhubhisa njengezinto eziphonswa emlilweni.
UJehova uyobaqothula lapho ethukuthele, umlilo uyobashwabadela. +
10 Isizukulwane* sabo uyosibhubhisa emhlabeni,Nenzalo yabo kubantwana babantu.
11 Ngoba babehlose ukwenza okubi kuwe; +Bacebe amacebo angeke aphumelele. +
12 Uyobenza babaleke +Lapho ubhekisa ngakubo* umnsalo wakho.
13 O Jehova, vuka, ubonise amandla akho.
Sizowahubela izindumiso* amandla akho.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “Ubude bezinsuku.”
^ Noma, “ayisoze yazanyazanyiswa.”
^ NgesiHebheru, “Isithelo.”
^ NgesiHebheru, “ngasebusweni babo.”
^ NgesiHebheru, “Sizocula sidumise.”