AmaHubo 18:1-50
Kumqondisi. ElikaDavide inceku kaJehova, owahlabelelela uJehova le ngoma ngosuku uJehova amkhulula ngalo kuzo zonke izitha zakhe nakuSawule. Wathi: +
18 O Jehova mandla ami, ngiyakuthanda. +
2 UJehova uyidwala lami nesiphephelo sami noMkhululi wami. +
UNkulunkulu wami uyidwala lami, + ngiphephela kuye,Ihawu lami nophondo* lwami lwensindiso,* indawo yami elondekile. *+
3 Ngibiza uJehova, ofanelwe ukudunyiswa,Ngizosindiswa ezitheni zami. +
4 Izintambo zokufa zangizungeza; +Izikhukhula ezisheshayo zabantu abangelusizo lwalutho zangesabisa. +
5 Izintambo zeThuna* zangizungeza;Izicupho zokufa zabhekana nami. +
6 Ngambiza uJehova lapho ngicindezelekile,Ngangilokhu ngikhalela usizo kuNkulunkulu wami.
Walizwa izwi lami esethempelini lakhe, +Wakuzwa ukukhalela kwami usizo. +
7 Khona-ke umhlaba waqala ukunyakaza nokuzamazama; +Izisekelo zezintaba zandindizela,Zanyakaza ziya emuva naphambili ngoba wayethukuthelisiwe. +
8 Kwaphuma intuthu emakhaleni akhe,Kwaphuma nomlilo oqothulayo emlonyeni wakhe; +
Kwaphuma amalahle avuthayo kuye.
9 Wagoba amazulu njengoba ehla. +
Ifu elimnyama lalingaphansi kwezinyawo zakhe. +
10 Weza endiza egibele ikherubi. +
Weza etshuza ephezu kwamaphiko esidalwa somoya. *+
11 Wabe esezifihla ngobumnyama, +Wazizungeza ngabo njengetende,Amanzi amnyama namafu awugqinsi. +
12 Èkukhanyeni okukhulu okwakuphambi kwakhe,Kwehla isichotho namalahle avuthayo evela emafwini.
13 UJehova waqala ukuduma esemazulwini; +OPhezukonke wenza izwi lakhe lezwakala, +Ngesichotho nangamalahle avuthayo.
14 Wacibishela imicibisholo yakhe wahlakaza izitha; +Wathumela umbani, wazididizelisa. +
15 Imihosha* yahlala obala; +Izisekelo zezwe zahlala obala ngokukhuza kwakho, Jehova,Ngokufutha komoya wamakhala akho. +
16 Welula isandla sakhe ephezulu;Wangibamba wangikhipha emanzini ajulile. +
17 Wangikhulula esitheni sami esinamandla, +Kulabo abangizondayo, ababenamandla kunami. +
18 Bamelana nami ngosuku lwenhlekelele yami, +Kodwa uJehova wangisekela.
19 Wangikhiphela endaweni ephephile;*Wangikhulula ngoba wayejabule ngami. +
20 UJehova ungivuza ngenxa yokuthi ngenze ngokulunga; +Ungibuyisela ngenxa yobumsulwa bezandla zami. *+
21 Ngoba ngizigcinile izindlela zikaJehova,Angizange ngokukhohlakala ngimshiye uNkulunkulu wami.
22 Ngiyayikhumbula yonke imiyalo yakhe;Ngeke ngiyishaye indiva imithetho yakhe.
23 Ngizohlale ngingenaphutha phambi kwakhe, +Ngizokugwema ukwenza isono. +
24 Kwangathi uJehova angangibuyisela ngenxa yokuthi ngenze ngokulunga, +Ngenxa yobumsulwa bezandla zami phambi kwakhe. +
25 Koqotho wena wenza ngobuqotho; +Umuntu ongenaphutha usebenzelana naye ngokungenaphutha; +
26 Komsulwa uzibonakalisa umsulwa, +Kodwa koyiqili uzibonakalisa unokuqonda. +
27 Ngoba uyabasindisa abahluphekile *+Kodwa uyabathobisa abaziphakamisayo. *+
28 Ngoba nguwe Jehova, okhanyisa isibani sami,Nkulunkulu wami oguqula ubumnyama obungizungezile bube ukukhanya. +
29 Ngosizo lwakho ngingajaha iviyo labaphangi; +Ngamandla kaNkulunkulu ngingacaca udonga. +
30 Indlela kaNkulunkulu weqiniso iphelele; *+Izwi likaJehova licwengekile. +
Uyihawu labo bonke abaphephela kuye. +
31 Ngoba ubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova? +
Ubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu? +
32 UNkulunkulu weqiniso nguye onginika amandla, +Uzokwenza indlela yami iqonde. +
33 Wenza izinyawo zami zibe njengezenyamazane;Ungimisa ezindaweni eziphakeme. +
34 Izandla zami uziqeqeshela impi;Izingalo zami zingagobisa umnsalo wethusi.
35 Unginika ihawu lakho lensindiso, +Isandla sakho sokudla siyangisekela,Ukuthobeka kwakho kungenza ngibe mkhulu. +
36 Uyenza ibe banzi indlela engihamba kuyo;Izinyawo zami ngeke zishelele. +
37 Ngizozijaha izitha zami ngizifice;Ngeke ngibuye kuze kube yilapho seziqothuliwe.
38 Ngiyoziphihliza ukuze zingakwazi ukuvuka; +Ngiyozinqoba.*
39 Uyongipha amandla okulwa empini;Uyokwenza izitha zami ziwe phambi kwami. +
40 Uyokwenza izitha zami zingibalekele,*Ngiyobaqeda* labo abangizondayo. +
41 Bakhalela usizo, kodwa akekho ozobasindisa;Bakhala ngisho nakuJehova, kodwa akabaphenduli.
42 Ngiyobagaya bacoliseke njengothuli oluhamba nomoya;Ngiyobachitha njengodaka emigwaqweni.
43 Uyongikhulula kubantu ababheka amaphutha. +
Uyongimisa ngibe yinhloko yezizwe. +
Isizwe engingazange ngisazi siyongikhonza. +
44 Siyongilalela ngokuzwa nje ngami;Abezinye izizwe bayoza kimi bethothobele. +
45 Abezinye izizwe bayokwesaba;*Bayoza bethuthumela bevela ezindaweni zabo ezivikelekile.
46 UJehova uyaphila! Malidunyiswe iDwala lami! +
Makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami. +
47 UNkulunkulu weqiniso uyangiphindiselela; +Uthobisa izizwe ngaphansi kwami.
48 Uyangikhulula ezitheni zami ezithukuthele;Ungiphakamisa ngibe ngaphezu kwalabo abangihlaselayo; +Uyangisindisa kumuntu onodlame.
49 Yingakho ngizokudumisa phakathi kwezizwe, Jehova, +Ngizolihubela izingoma zokudumisa igama lakho. +
50 Wenzela inkosi yakhe izenzo ezinkulu zokusindisa; *+Ubonisa uthando oluqotho kogcotshiwe wakhe, +KuDavide nasenzalweni* yakhe kuze kube phakade. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “nomsindisi wami onamandla.”
^ Noma, “ephakeme elondekile.”
^ Noma, “zeShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiHebheru, “kwamaphiko omoya.”
^ Noma, “Imizila yamanzi.”
^ Noma, “endaweni evulekile.”
^ NgesiHebheru, “ngokokuhlanzeka kwami.”
^ Noma, “abazehlisayo.”
^ NgesiHebheru, “uyawathobisa amehlo azidlayo.”
^ Noma, “ayinaphutha.”
^ Noma, “Ziyowa bese ngizinyathela.”
^ Noma, “Uyonginika umhlane wezitha zami.”
^ NgesiHebheru, “Ngiyobathulisa.”
^ Noma, “bayobuna.”
^ Noma, “ukunqoba okukhulu.”
^ NgesiHebheru, “nasembewini.”