AmaHubo 137:1-9

  • Ngasemifuleni yaseBhabhiloni

    • Azikho izingoma zaseZiyoni ezaculwa (3, 4)

    • IBhabhiloni lizocekelwa phansi (8)

137  Sahlala ngasemifuleni yaseBhabhiloni. + Sakhala lapho sikhumbula iZiyoni. +   Salengisa amahabhu ethu +Ezihlahleni zikabhabhulini phakathi kwalo.*   Ngoba labo ababesithumbile basicela lapho ukuba sibaculele ingoma, +Labo ababesenza inhlekisa babefuna injabulo, bethi: “Siculeleni enye yezingoma zaseZiyoni.”   Singayicula kanjani ingoma kaJehovaKwelinye izwe?   O Jerusalema, uma ngingase ngikukhohlwe,Isandla sami sokudla naso masikhohlwe. *+   Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwamiUma ngingakukhumbuli,Uma ngingalenzi iJerusalema libe ngaphezuKwezizathu zami ezinkulu zokujabula. +   O Jehova, khumbulaLokho abakwa-Edomi abakusho ngosuku okwanqotshwa ngalo iJerusalema, bethi: “Lidilizeni! Lidilizeni kuze kube sezisekelweni zalo!” +   O Ndodakazi yaseBhabhiloni, ezocekelwa phansi maduzane, +Uyojabula lowo oyophindisela kuweNgempatho yakho owasiphatha ngayo. +   Uyojabula lowo obamba abantwana bakhoAbaphahlaze edwaleni. +

Imibhalo yaphansi

Kushiwo iBhabhiloni.
Noma kungaba, “masishwabane.”