AmaHubo 111:1-10
111 Dumisani uJah! *+
א [Aleph]
Ngizomdumisa uJehova ngayo yonke inhliziyo yami +ב [Beth]Eqenjini elihlangene labaqotho nasebandleni.
ג [Gimel]
2 Imisebenzi kaJehova mikhulu; +ד [Daleth]Ihlolwa yibo bonke abayijabulelayo. +
ה [He]
3 Umsebenzi wakhe uyakhazimula futhi uyamangalisa,ו [Waw]Nokulunga kwakhe kuhlala phakade. +
ז [Zayin]
4 Wenza ukuba imisebenzi yakhe emangalisayo ikhunjulwe. +
ח [Heth]
UJehova unozwela* nesihe. +
ט [Teth]
5 Unika labo abamesabayo ukudla. +
י [Yod]
Ukhumbula isivumelwano sakhe kuze kube phakade. +
כ [Kaph]
6 Ubonise abantu bakhe amandla akhe ngemisebenzi yakheל [Lamed]Ngokubanika ifa lezizwe. +
מ [Mem]
7 Imisebenzi yezandla zakhe ineqiniso nobulungisa; +נ [Nun]Yonke imiyalo yakhe ithembekile. +
ס [Samekh]
8 Ihlale ithembekile* manje naphakade;ע [Ayin]Yenziwe ngeqiniso nangokulunga. +
פ [Pe]
9 Ukhulule abantu bakhe. +
צ [Tsade]
Uyale ukuba isivumelwano sakhe sihlale kuze kube phakade.
ק [Qoph]
Igama lakhe lingcwele futhi liyamangalisa. +
ר [Resh]
10 Ukwesaba uJehova kuwukuqala kokuhlakanipha. +
ש [Sin]
Bonke abagcina imiyalo yakhe* babonisa ukuqonda. +
ת [Taw]
Udumo lwakhe luhlala kuze kube phakade.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
^ Noma, “unomusa.”
^ Noma, “Isekelwe kahle.”
^ NgiseHebheru, “abayigcinayo.”