AmaHubo 108:1-13
Ingoma. Ihubo likaDavide.
108 Inhliziyo yami igxilile, Nkulunkulu.
Ngizohlabelela ngayo yonke inhliziyo yami* ngidlale nezinsimbi zomculo. +
2 Vuka nsimbi yomculo enezintambo; nawe habhu. +
Ngizovuka entathakusa.
3 Ngizokudumisa phakathi kwezizwe Jehova,Ngizokuhubela izingoma zokudumisa* phakathi kwezizwe.
4 Ngoba uthando lwakho oluqotho lukhulu njengokuphakama kwamazulu, +Nokuthembeka kwakho kufinyelela esibhakabhakeni.
5 Mawuphakanyiswe ngaphezu kwamazulu Nkulunkulu;Inkazimulo yakho mayibe ngaphezu kwawo wonke umhlaba. +
6 Ukuze abantu bakho obathandayo bakhululwe,Sisindise ngesandla sakho sokudla, ungiphendule. +
7 UNkulunkulu ongcwele* ukhulumile wathi:
“Ngizothokoza, ngizonikela ngeShekemi + libe yifa,Ngizosikela abantu bami iSigodi* SaseSukoti. +
8 IGileyadi + lingelami, njengoba nje noManase engowami,U-Efrayimi uyisivikelo sekhanda* lami; +UJuda uyinduku yami yomyali. +
9 UMowabi uyindishi yami yokugeza. +
Ngizophonsa imbadada yami phezu kuka-Edomi. +
Ngizomemeza ngokunqoba phezu kweFilistiya.” +
10 Ngubani ozongiyisa edolobheni elinezivikelo eziqinile?
Ngubani ozongihola ngize ngifike kwa-Edomi? +
11 O Nkulunkulu, akuwena yini osilahlile,Nkulunkulu wethu, ongasaphumi namabutho ethu? +
12 Sisize ekucindezelekeni kwethu, +Ngoba insindiso evela kubantu ayisizi ngalutho. +
13 UNkulunkulu uzosinika amandla, +Uzozinyathela izitha zethu. +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “ngisho nangenkazimulo yami.”
^ Noma, “Ngizokuculela ngidlale nezinsimbi.”
^ Noma kungaba, “esendaweni yakhe engcwele.”
^ Noma, “iThafa Eliphansi.”
^ NgesiHebheru, “uyinqaba.”