Eyesibili KwabaseKorinte 6:1-18
6 Njengoba sisebenza kanye naye, + siyanincenga nokuba ningawamukeli umusa omkhulu kaNkulunkulu bese nilahlekelwa injongo yawo. +
2 Ngoba yena uthi: “Ngesikhathi esamukelekayo ngakuzwa, nangosuku lwensindiso ngakusiza.” + Bhekani! Manje yiso isikhathi esamukeleka ngokukhethekile. Bhekani! Manje yilo usuku lwensindiso.
3 Asinikezi sizathu sokukhubeka nangayiphi indlela, ukuze kungatholakali phutha enkonzweni yethu; +
4 kodwa ngazo zonke izindlela sibonisa ukuthi siyizikhonzi zikaNkulunkulu, + ngokukhuthazelela izinto eziningi, ngezinsizi, ngezikhathi zokuswela, ngobunzima, +
5 ngokushaywa, ngokuboshwa, + ngeziyaluyalu, ngokusebenza kanzima, ngokuqwasha ebusuku, ngezikhathi zokungabi nakudla; +
6 ngokuhlanzeka, ngolwazi, ngokubekezela, + ngomusa, + ngomoya ongcwele, ngothando olungenabuzenzisi, +
7 ngenkulumo eyiqiniso, ngamandla kaNkulunkulu; + ngezikhali zokulunga + ezisesandleni sokudla* nakwesobunxele,*
8 ngenkazimulo nehlazo, ngombiko omubi nombiko omuhle. Sibhekwa njengabakhohlisi kodwa sibe sineqiniso,
9 njengabangaziwa kodwa sibe saziwa, njengabafayo* kodwa sibe siphila, + njengabajeziswayo* kodwa asinikelwa ekufeni, +
10 njengabadabukile kodwa sibe sijabula njalo, njengabampofu kodwa sibe senza abaningi bacebe, njengabangenalutho kodwa sibe sinazo zonke izinto. +
11 Sivule umlomo wethu ukuze sikhulume nani* bantu baseKorinte nenhliziyo yethu siyivule kakhulu.
12 Indlela esinibonisa ngayo uthando ayinamingcele, *+ kodwa olwenu uthando lunemingcele.
13 Ngenxa yalokho—ngikhuluma njengokungathi ngikhuluma nabantwana bami—nani vulani izinhliziyo zenu. *+
14 Ningaboshelwa ejokeni* nabangakholwa. + Ngoba kunabudlelwane buni ukulunga nokungalungi? + Noma, ukukhanya kunabudlelwane buni nobumnyama? +
15 Ngaphezu kwalokho, kunakuvumelana kuni phakathi kukaKristu noBheliyali? *+ Noma, umuntu okholwayo* uhlanganiswa yini nongakholwa? +
16 Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithixo? + Ngoba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo; + njengoba nje uNkulunkulu athi: “Ngiyohlala phakathi kwabo + ngihambe phakathi kwabo, ngiyoba uNkulunkulu wabo, bona bayoba abantu bami.” +
17 “ ‘Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nizihlukanise,’ kusho uJehova,* ‘niyeke ukuthinta into engcolile’ ”; + “ ‘ngizonamukela.’ ” +
18 “ ‘Mina ngiyoba uyihlo, + nina nibe amadodana namadodakazi kimi,’ + kusho uJehova,* uMninimandla Onke.”
Imibhalo yaphansi
^ Mhlawumbe zokuzivikela.
^ Mhlawumbe zokuhlasela.
^ Noma, “ababhekwa njengabafanelwe ukufa.”
^ Noma, “njengabayalwayo.”
^ Noma, “Sikhulume nani ngokukhululekile.”
^ Noma, “ayiminyene.”
^ Noma, “nani yanulekani.”
^ Noma, “Ningahlanganiswa.”
^ Noma, “othembekile.”
^ Livela egameni lesiHebheru elisho ukuthi “Ukungabi Lusizo Lwalutho.” Libhekisela kuSathane.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Bheka iSithasiselo A5.