Ukushumayela NgaseMfuleni IXingu
Ngasekuqaleni kuka-July 2013, iqembu loFakazi BakaJehova abangu-28 eBrazil lasuka eSão Félix do Xingu laya ensimini yamaNdiya angamaCayapo nangamaYuruna. Lihamba ngesikebhe esingamamitha angu-15 ubude, leli qembu lahamba lanyusa uMfula iXingu, ogeleza amakhilomitha angu-2 092 ngasenyakatho uze ufike eMfuleni i-Amazon.
Leli qembu lathatha lolu hambo ukuze liyoshumayeza abantu abahlala ngakulo mfula ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngosuku lwesithathu, lafika endaweni ebizwa ngokuthi iKokraimoro. Lezi zivakashi zamukelwa abantu abanemfudumalo nabanomoya wokungenisa izihambi. Zahlangana nowesifazane owayelokhu eqhweba ekhuluma nazo ngezandla. Umuntu wendawo owayehamba neqembu wabachazela ukuthi uthini: “Njengoba eniqhweba usho ukuthi: ‘Wozani nonke. Sifuna ukunazi nonke!’”
OFakazi baxoxa nabo bonke ababelapho—abanye bakhuluma nabo ngesiPutukezi abanye bakhuluma nabo ngezandla nangezimpawu ezithile. Imifanekiso emihle esezincwadini zeBhayibheli ababeziphethe yabasiza, futhi iningi labantu bendawo lazamukela izincwadi, ikakhulukazi incwajana ethi Lalela UNkulunkulu.
UGerson, oyiphayona elikhethekile eSão Félix do Xingu, ukhumbula indlela umuntu othile wendawo ayamukela ngayo incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli: “Wayibheka wabe eseyibamba ngezandla zombili wayinkonkoshela; wayengafuni nakancane ukuyibeka phansi.”
OFakazi BakaJehova bahambisela laba bantu bendawo abanokwazisa abahlala ngasemfuleni izincwadi, omagazini, nezincwajana ezicishe zibe ngu-500. Abantu baseKawatire basilalela ngelikhulu isasasa isithembiso seBhayibheli somhlaba oyipharadesi. INdiya elithanda abantu elingumCayapo uTonjaikwa lasho lokhu lizikhulumela nje: “Epharadesi abantu bayophila njengathi.”
Abaningi edolobheni laseSão Félix do Xingu babazi ngohambo lwaleli qembu. USimone, ongomunye walabo ababekuleli qembu wathi abanye edolobheni lakubo babengabaza ukuthi babeyokwamukelwa kuleyo ndawo. Kodwa, akubanga nankinga. “Semukelwa futhi sabashumayeza bonke,” kusho uSimone.