Dlulela kokuphakathi

Ngingaba Kanjani Omunye WoFakazi BakaJehova?

Ngingaba Kanjani Omunye WoFakazi BakaJehova?

 Izinyathelo ezidingekayo ukuze umuntu abe omunye woFakazi BakaJehova yilezo ezachazwa uJesu encwadini kaMathewu 28:19, 20. Lo mBhalo ubonisa lokho umuntu okudingeka akwenze ukuze abe umlandeli kaKristu, okuhlanganisa ukukhuluma, noma ukufakaza, ngoJehova.

 Isinyathelo 1: Yazi lokho okufundiswa iBhayibheli. UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba ‘benze abafundi . . . , babafundise.’ (Mathewu 28:19, 20) IBhayibheli, ikakhulu izimfundiso zikaJesu Kristu ezitholakala kulo, liqukethe ulwazi oludingayo ukuze uphile ukuphila okujabulisayo nokwanelisayo. (2 Thimothewu 3:​16, 17) Siyakujabulela ukukusiza ukuba wazi ukuthi iBhayibheli lifundisani sisebenzisa uhlelo lokutadisha iBhayibheli lwamahhala.​—Mathewu 10:7, 8; 1 Thesalonika 2:13.

 Isinyathelo 2: Kusebenzise lokho okufundayo. UJesu wathi labo abafundayo kumelwe futhi ‘bagcine konke [abayale] ngakho.’ (Mathewu 28:20) Lokhu kusho ukuthi ukutadisha kwakho iBhayibheli kumelwe kube ngaphezu nje kokwandisa ulwazi​—kungase kudinge ukuba wenze izinguquko eziphawulekayo endleleni ocabanga futhi uziphathe ngayo. (IzEnzo 10:42; Efesu 4:22-29; Hebheru 10:24, 25) Labo abagcina imiyalo kaJesu babe sebezinqumela ngokwabo ukumlandela ngokunikezela ukuphila kwabo kuJehova uNkulunkulu.​—Mathewu 16:24.

 Isinyathelo 3: Bhapathizwa. (Mathewu 28:19) EBhayibhelini, ubhapathizo lufaniswa nokungcwatshwa. (Qhathanisa neyabaseRoma 6:​2-4.) Lusebenza njengophawu lokufa ngokuqondene nenkambo yangaphambili yokuphila nokuqala entsha. Ngakho, ubhapathizo lwakho luwukuvuma kwakho obala ukuthi usuzithathile izinyathelo ezimbili zokuqala ezichazwe uJesu futhi ucela unembeza ohlanzekile kuNkulunkulu.​—Hebheru 9:14; 1 Petru 3:21.

Ngingazi kanjani ukuthi sengikulungele ukubhapathizwa?

 Khuluma nabadala bebandla. Bazoxoxa nawe ukuze baqinisekise ukuthi uyakuqonda yini okuhilelekile, uyakusebenzisa lokho okufundile nokuthi uzinikezele kuNkulunkulu ngokuzithandela yini.​—IzEnzo 20:28; 1 Petru 5:1-3.

Ingabe lezi zinyathelo ziyasebenza nasezinganeni ezizalwa oFakazi?

 Yebo. Sikhulisa izingane zethu “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova,” njengoba nje iBhayibheli lisiyala kanjalo. (Efesu 6:4) Nokho, njengoba zikhula, kumelwe zizithathele zona isinqumo sokufunda, ukwamukela nokusebenzisa lokho iBhayibheli elikufundisayo, ngaphambi kokuba zikufanelekele ukubhapathizwa. (Roma 12:2) Ekugcineni, umuntu ngamunye kumelwe azenzele yena isinqumo ngokuphathelene nokukhonza uNkulunkulu.​—Roma 14:12; Galathiya 6:5