Dlulela kokuphakathi

JUNI 12, 2020
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

Phakathi Nalolu Bhubhane, Abafowethu Nodadewethu BaseRwanda NaseZimbabwe Bathola Ukudla

Phakathi Nalolu Bhubhane, Abafowethu Nodadewethu BaseRwanda NaseZimbabwe Bathola Ukudla

Amahhovisi egatsha aseRwanda naseZimbabwe, nabadala abasemabandleni angaphansi kwala magatsha, basebenza ndawonye ukuze baqinisekise ukuthi abafowethu nodadewethu abathintekile ngokwezimali ngenxa yalolu bhubhane lwecovid-19 banazo izidingo ezinqala.

ERwanda

Ngo-Ephreli 2, 2020, iKomiti Yegatsha YaseRwanda yathumela abadala isaziso ibatshela ukuba bathole abafowethu nodadewethu abahluphekayo ngenxa yalolu bhubhane futhi babasize. Ngemva kokuthola lesi saziso, abadala ezweni lonke baqala ukwenza amalungiselelo okunikeza laba bafowethu nodadewethu ukudla nezinye izinto eziyisidingo.

Phakathi no-Ephreli, igatsha laseRwanda lase libeke amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni (DRCs) angu-31. La maKomiti anikeza imindeni eyayiswele izinto ezinjengempuphu, ilayisi, ubhontshisi, usawoti, ushukela namafutha okupheka. Kuze kube manje, ingaphezu kuka-7 000 imindeni esiye yasekelwa ngalolu sizo oluphuthumayo.

Ngemva kokuthola lolu sizo, uDadeweth’ uNizeyimana Charlote nezingane zakhe ezintathu bathi: “Sibonga siyanconcoza ngokuqhubeka nisisiza ngokomoya nangokwenyama kulezi zikhathi ezinzima njengoba sibhekene nalesi sifo. Siswele amazwi okubonga!”

Omunye umzalwane wasixoxela ngosuku yena nomndeni wakhe abathola ngalo lolu sizo. Wathi: “Ngalolo suku, umkami waquleka ngenxa yendlala. Kuthe kusenjalo ngathola ucingo oluvela kumzalwane engazisa ukuthi kunelungiselelo lokudla engingakutholela umndeni wami. Kwaphela nasozwaneni. Ngalolo suku ngathandaza ubusuku bonke ngibonga uJehova.”

EZimbabwe

I-COVID-19 ifike nezayo izinkinga zokudla kuleli zwe kanti vele kunezinkinga zendlala.

Ihhovisi legatsha laseZimbabwe limise amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni (DRCs) amahlanu ukuze asize. Ngaphezu kwalokho, igatsha lihlele ukuba abamemezeli banikele ngokudla nangezinye izinto ukuze kusizwe abafowethu nodadewethu abaswele. La makomiti ayazithatha lezi zinto azinikeze abantu abaswele.

Kuze kube manje, amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni (DRCs) asehambise amakhilogremu angu-62 669 empuphu, amalitha angu-6 269 amafutha okupheka, amakhilogremu angu-3 337 kafishi owonyisiwe ikapenta, namakhilogremu angu-5 139 kabhontshisi kubamemezeli abangu-7 319.

Omunye umndeni osafundelwa iBhayibheli futhi oba khona njalo emihlanganweni yethu wawungenakho ukudla. Wathinteka kakhulu lapho umfowethu ofunda nawo iBhayibheli ewulethela ukudla. Ngayizolo, ngaphambi kokuba uthole ukudla, umfundisi walapho owawusonta khona wayekade ewuthintile. Umfundisi wayecele umnikelo ukuze yena nomkakhe bathenge igilosa. Njengoba wase ubona umehluko omkhulu phakathi kukamfundisi noFakazi BakaJehova, lo mndeni wanquma ukusula esontweni.

Asingabazi ukuthi uJehova uzoqhubeka eyibusisa le nkonzo yokunikeza usizo, aqinisekise nokuthi abafowethu nodadewethu baseRwanda naseZimbabwe bayakuthola abakudingayo.—IzEnzo 11:29.