INTSHA IYABUZA
Ingabe Kufanele Ngibhapathizwe?—Ingxenye 2: Ukulungiselela Ubhapathizo
Uma uphila ngemithetho yeBhayibheli futhi ufuna ukuba umngani kaNkulunkulu, cishe ucabanga ukubhapathizwa. Ikhona yini indlela ongathola ngayo ukuthi ukulungele yini ukuthatha leso sinyathelo? a
Kulesi sihloko
Kungakanani okudingeka ngikwazi?
Ukulungiselela ubhapathizo akuhileli ukubamba izinto ngekhanda, njengoba singase senze esikoleni ukuze siphase isivivinyo. Nokho, kuzodingeka usebenzise ‘amandla akho okucabanga’ ukuze uqiniseke ngokuthi iBhayibheli lifundisa iqiniso. (Roma 12:1) Ngokwesibonelo:
Uyaqiniseka yini ngokuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi kumfanele ukuthi umkhonze?
IBhayibheli lithi: “Lowo oza kuNkulunkulu kumele akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uyabavuza labo abamfuna ngobuqotho.”—Hebheru 11:6.
Zibuze: ‘Kungani ngikholelwa kuNkulunkulu?’ (Hebheru 3:4) ‘Kungani ngimkweleta ukumkhonza?’—IsAmbulo 4:11.
Udinga usizo? Funda isihloko esithi “Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?—Ingxenye 1: Kungani Kufanele Ukholelwe KuNkulunkulu?”
Uyaqiniseka yini ngokuthi umyalezo weBhayibheli uvela kuNkulunkulu?
IBhayibheli lithi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi iyasiza ekufundiseni, ekusoleni, ekuqondiseni izinto, ekusiyaleni ukuba senze okulungile.”—2 Thimothewu 3:16.
Zibuze: ‘Yini engenza ngikholelwe ukuthi iBhayibheli aliyona incwadi egcwele imibono yabantu?’—Isaya 46:10; 1 Thesalonika 2:13.
Udinga usizo? Funda esithi “Lingangisiza Kanjani IBhayibheli?—Ingxenye 1: Ukufunda IBhayibheli Lakho.”
Uyaqiniseka yini ngokuthi uJehova usebenzisa ibandla lobuKristu ukuze afeze intando yakhe?
IBhayibheli lithi: “Makube yinkazimulo [kuNkulunkulu] ngebandla nangoKristu Jesu kuzo zonke izizukulwane kuze kube phakade naphakade.”—Efesu 3:21.
Zibuze: ‘Ingabe izinto engizifunda eBhayibhelini emihlanganweni yobuKristu ngizibheka njengezivela kubantu noma kuJehova?’ (Mathewu 24:45) ‘Ngiyaya yini emihlanganweni ngisho noma abazali bami bengeke baphumelele (uma bekuvumela)?’—Hebheru 10:24, 25.
Udinga usizo? Funda esithi “Kungani Kufanele Ngiye Emihlanganweni Eba SeHholo LoMbuso?”
Yini okufanele ngiyenze?
Akudingeki uze uphelele ukuze ubhapathizwe. Kodwa kufanele kubonakale ukuthi ufuna ngempela ‘ukufulathela okubi, wenze okuhle.’ (IHubo 34:14) Ngokwesibonelo:
Ingabe uphila ngemithetho kaJehova?
IBhayibheli lithi: “Zigcineni ninonembeza omuhle.”—1 Petru 3:16.
Zibuze: ‘Ngibonise kanjani ukuthi ‘amandla ami okuqonda’ aqeqeshelwe “ukuhlukanisa okulungile nokungalungile”?’ (Hebheru 5:14) ‘Zikhona yini izimo engizikhumbulayo lapho ngimelane khona nokucindezela kontanga okubi? Ingabe abangani bami bayangikhuthaza ukuba ngenze okulungile?’—IzAga 13:20.
Udinga usizo? Funda isihloko esithi “Ngingawuqeqesha Kanjani Unembeza Wami?”
Uyazi yini ukuthi unesibopho sokuphendula kuJehova ngezinto ozenzayo?
IBhayibheli lithi: “Ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.”—Roma 14:12.
Zibuze: ‘Ingabe ngineqiniso kimi nakwabanye?’ (Hebheru 13:18) ‘Ngiyawavuma yini amaphutha ami, noma nginomkhuba wokuwafihla noma wokusola abanye ngawo?’—IzAga 28:13.
Udinga usizo? Funda isihloko esithi “Ngingabhekana Kanjani Namaphutha Ami?”
Ingabe ungumngani kaJehova?
IBhayibheli lithi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—Jakobe 4:8.
Zibuze: ‘Ngisondela ngaziphi izindlela kuJehova?’ Ngokwesibonelo, ‘Ngivame kangakanani ukufunda iBhayibheli?’ (IHubo 1:1, 2) ‘Ingabe ngithandaza njalo?’ (1 Thesalonika 5:17) ‘Ingabe imithandazo yami iyagwegwesa? Ingabe abangani bami bangabangani bakaJehova?’—IHubo 15:1, 4.
Udinga usizo? Funda isihloko esithi “Lingangisiza Kanjani IBhayibheli?—Ingxenye 2: Kujabulele Ukufunda IBhayibheli” nesithi “Kungani Kufanele Ngithandaze?”
ICEBISO: Ukuze ulungele ukubhapathizwa, funda isahluko 37 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 2. Sicela uliphawule ngokukhethekile ishadi lemibuzo elisekhasini 308 no-309.
a Funda isihloko esithi “Ingabe Kufanele Ngibhapathizwe?—Ingxenye 1,” esikhuluma ngencazelo nokubaluleka kokuzinikezela kwakho kuNkulunkulu nokubhapathizwa.