Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Mathewu 11:28-30​—“Zanini Kimi, . . . Mina Ngizakuniphumuza”

Mathewu 11:28-30​—“Zanini Kimi, . . . Mina Ngizakuniphumuza”

 “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizoninika amandla. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba ngimnene futhi ngithobekile, nizothola ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.”—Mathewu 11:28-30, IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.

 “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo‚ mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu‚ nifunde kimi‚ ngokuba ngimnene‚ ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle; nomthwalo wami ulula.”—Mathewu 11:28-30, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo kaMathewu 11:28-30

 Ngomusa, uJesu wamema ababemlalele ukuba beze kuye. Wabaqinisekisa ngokuthi uma befunda kuye, bazothola ukuqabuleka nempumuzo.

 “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo.” Abantu uJesu abanika lesi simemo ‘babekhandlwe’ imithetho namasiko ababewathweswa abaholi babo benkolo. (Mathewu 23:4; Marku 7:7) Abantu abaningi babephinde bagqilazwe izinkathazo nokusebenza kanzima, kwakudingeka basebenze isikhathi eside bezikhandla ukuze nje baphile.

 “Ngizoninika amandla.” UJesu wathembisa ukuthi uzobanika impumuzo abantu abamukela isimemo sakhe. Wayefuna ukubasiza baqonde ukuthi yini ngempela uNkulunkulu ayilindele kubo. (Mathewu 7:24, 25) Lokho kwabakhulula ekugqilazweni amanga kanye namasiko enkolo. (Johane 8:31, 32) Nakuba ukufunda nokusebenzisa izimfundiso zikaJesu kwakudinga umzamo, ukwenza lokho kwakunika amandla.

 “Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi.” Ngezikhathi zeBhayibheli, izisebenzi zazivame ukusebenzisa ijoka—⁠ugodo olwalutshathwa emahlombe—ukuze zithwale umthwalo osindayo. Ngakho, igama elithi “ijoka” lalisebenza ngomqondo wokuba ngaphansi kwegunya lomunye umuntu nokulandela isiqondiso sakhe. (Levitikusi 26:13; Isaya 14:25; Jeremiya 28:4) Inkulumo ethi “nifunde kimi” ingaphinde ihunyushwe ngokuthi “nibe abafundi bami.” Ngakho, uJesu wayekhuthaza ababemlalele ukuba babe abafundi bakhe ngokumlandela nangokulingisa isibonelo sakhe.—Johane 13:13-15; 1 Petru 2:21.

 “Nizothola ukuqabuleka.” UJesu akanikezanga isixazululo esisheshayo kuzo zonke izimo ezicindezelayo. Kodwa wabasiza ababemlalele bathola induduzo nethemba. (Mathewu 6:25-32; 10:29-31) Abantu ababa abafundi bakhe futhi bamukela izimfundiso zakhe bathola ukuthi ukukhonza uNkulunkulu kwakungewona umthwalo kodwa kwakubalethela ukwaneliseka kwangempela.—1 Johane 5:3.

 “Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” Ngokungafani nabaholi benkolo bangosuku lwakhe, uJesu wayethobekile futhi emnene. (Johane 7:47-49) Wayengalokothi abe nokhahlo noma acindezele abanye. Kunalokho, wayenomusa futhi kulula ukukhuluma naye. Wayengalindele okungaphezu kwamandla abalandeli bakhe. (Mathewu 7:12; Marku 6:34; Luka 9:11) Wababonisa nokuthi isihe sikaNkulunkulu singabazuzisa kanjani bakwazi nokuthola ukuqabuleka okubangelwa ukuba nonembeza ohlanzekile. (Mathewu 5:23, 24; 6:14) Izimfanelo zikaJesu ezinhle azigcinanga nje ngokudonsela abantu kuye, kodwa zabenza bamukela ijoka lakhe lomusa, baba abafundi bakhe.

Umongo kaMathewu 11:28-30

 UJesu wakhuluma amazwi akuMathewu 11:28-30 ngesikhathi esemkhankasweni wokushumayela eGalile, ngo-31 C.E. Umphostoli uMathewu uyena kuphela umbhali weVangeli owabhala ngesimemo sikaJesu. Njengoba ayengumqoqi wentela futhi engumJuda, uMathewu wazibonela ngawakhe abantu abavamile becindezelwa, bengacindezelwa nje kuphela intela yamaRoma kodwa nangabaholi benkolo bamaJuda abakhohlakale. Asingabazi ukuthi kwamjabulisa ukubona uJesu esebenzisa igunya ayelinikwe uYise, uJehova, a ukuze ameme abantu abathobekile nabahlukunyezwayo ukuba beze kuye.—Mathewu 11:25-27.

 IVangeli likaMathewu liqokomisa ubuntu uJesu abubonisa njengoMesiya othenjisiwe nanjengombusi wesikhathi esizayo woMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 1:20-23; Isaya 11:1-5.

 Bukela le vidiyo emfushane ukuze ubone amabalengwe encwadi kaMathewu.

a Igama elithi Jehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?